Ukwethulwa kwesabelo sezimali seminyaka emithathu (MTEF) sikaHulumeni wesiFundazwe sase-Gauteng sika-2006/07 kukhombisa igxathu elibalulekile emizamweni yethu eqhubekayo yokubhekana nezifiso zabantu base-Gauteng ngendlela ejulile. Lesabelo sezimali se-MTEF sikhombisa izidingongqangi zombusazwe zesifundazwe.
Ngalesisikhathi esisabusa ngaso, siye sakhombisa inqubekela phambili ebonakalayo ekufinyeleleni kwizinjongo esiziphokophele. Isabelo sezimali sika-2006/07 sakhela kulempumelelo futhi sisivumela ukuthi siqhubekele phambili ekufinyeleleni kwizinjongo zethu. Isabelo sezimali salonyaka sandisa futhi izimali ezabelwa izinsiza zezenhlakahle, ukuphucula ukwethulwa kwezinsizakalo kanye nenkokhelo yempahla yokuqhuba umsebenzi, ngaphandle kokungabheki izinselelo ezikhona nezilindelekile.
Izabelo esizenyusile zenkokhelo yempahla yokuqhuba umsebenzi ngesikhathi sesabelo sezimali ziqinisa kakhulu isibopho sethu sokuqhubeza ukukhula komnotho, ukwakha amathuba emisebenzi kanye nokulwa nobubha. Lezizimali zenkokhelo yempahla yokuqhuba umsebenzi zizoqondiswa emisebenzini ephathelene nezingqalazizinda ezizosebenza njengesigqugquzelo ekwenyuseni ukukhula komnotho nokwakha amathuba emisebenzi.
Eceleni kwemizamo yokukhulisa umnotho, sizibophezele futhi ekwenyuseni imali esetshenziswayo kwizinsizakalo zezenhlalakahle (social sector) ngokuthi sabe amaphesenti angu-80 esabiwomali sisonke kulo mkhakha wezenhlalakahle. Izimali ezisetshenziswayo zomkhakha wezenhlakahle zizoqonda kwizidingongqangi esikhathini esiyiminyaka emithathu ezayo, kuhlanganisa nokusabalalisa kwezikhungo ezihlinzeka amakhambi okudambisa iNgculaza neSandulelangculaza ezigulini, kanye nokuqhubekisa uhlelo lokuvikela iNgculaza neSandulelangculaza.
Ngethemba ukuthi nizothola lencwadi iwusizo kakhulu egalelweni lokuba niqonde futhi nihlaziye kalula isabelo sezimali sesiFundazwe saseGauteng.
Kungani sidinga isabelo sezimali?
sabelo sezimali yisu eliveza ukuthi zizosetshenziswa kanjani izimali ezikhona. Isabelo sisivumela ukuba sihlele ukusetshenziswa kwezimali ngendlela ezokwenza sifeze izinhloso esizibekele zona.
Sinesibopho sokugcina umphakathi wazisiwe ngokwenziwa nguhulumeni nokuthi izimali zisetshenziswa kanjani.
Ngokwethula isabelo sezimali siletha futhi isu lokusetshenziswa kwezimali okungakalwa futhi kuhlolwe ngalo ukwenza kukahulumeni.
Yiziphi izinto ezibalulekile zesiFundazwe namasu alokho okuphokophelwe yisiGungu esiKhulu sikaHulumeni wesiFundazwe sase-Gauteng?
Kwimikhakha yezomnotho emumatha abasebenzi abaningi nasekwandiseni kwimikhakha ekhulisa ithuthukise abasebenzi.
Kwizindawo zezwe ezikhethiwe ukuze kuqhubekele phambili ukukhuliswa komnotho okusabalele nokukhuliswa komnotho wesifunda.
Ekugqamiseni isifunda saseGauteng njengendawo ekhethekile yokutshala izimali, yokuhanjelwa yizivakashi, yamabhizinisi neyikhaya lemidlalo yokuncintisana.
Ekubambeni iqhaza elikhulu njengabathengi bempahla nezinsiza ukuze siqhubezele phambili lokho esikuphokophelele kwezomnotho kuhlanganisa nokweseka abakhiqizi basekhaya kanye nokunikezwa amandla ezomnotho kubantu abamnyama nabesifazane.
Ekusebenzisweni ngokugcwele komhlaba wezolimo nasekuxhaseni abalimi abampisholo ngasemakhonweni, kwingqalasizinda kanye nasekufinyeleleni ezimakethe.
Ekwenzeni isifunda saseGauteng sibe yindawo ebumbene futhi nesezingeni eliphezulu lokuncintisana nezwe lonke lapho okwenzekayo okuphathelene nomnotho ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe kuhambisana ukuqinisa i-Gauteng njengesizinda sezomnotho e-Afrika nesifunda esiyidolobha esaziwa ezweni lonke.
Isumgomo leNdlondlobalo neNtuthuko yaseGauteng (Growth and Development Strategy - GDS) ehlose ukubhekana nenguquko kwezenhlalakahle nomnotho esifundazweni, ukugcina ezombusazwe zisesimweni esifanelekile, ukwakha ingqalasizinda yombuso osebenzayo, ukukhulisa umnotho wesifundazwe kanye nokunciphisa amazinga aphezulu okwesweleka kwemisebenzi nobuphofu. Ngoku: -qinisekisa ukuthuthukisa inhlalakahle nezomnotho esifundazweni okwakheleke ekuhleleni nasekuthuthukiseni okuhlangene, okwesekelekileyo nokubamba iqhaza. -hlinzeka ukukhula komnotho, ukwakha amathuba omsebenzi kanye nokuhambisa nalokho okuqondiwe kwesifundazwe esikhathini esiyiminyaka eyishumi elandelayo yentando yeningi.
kwakhela ekubuseni okubambisene kanye nobudlelwano phakathi kohulumeni. -khulusa ubudlelwano kanye nokusebenzisana neminye imikhakha yomphakathi. -bona amathuba emikhakha yonke yemiphakathi nezakhamuzi ukuthi zibandakanyeke ekwakheni kabusha nasekuthuthukiseni isifundazwe.
Izindawo ezisezintsha zokuhlala abantu zinazo zonke izidingo eziyofunwa ngumphakathi ngaphambi noma ngokushesha okukhulu emva kokungena kwabantu ezindlini ezintsha.
Izakhiwo zomphakathi zingaguqukiswa uma umphakathi uguquka. Isibonelo, izikole kwimiphakathi esikhulile zingaphendulwa zibe yizindawo yokuhlanganela umphakathi; lezizizinda kufanele zinakekelwe futhi zisetshenziswe ngokugcwele.
Uhulumeni angakha izakhiwo kwizikhala ezingenazo izakhiwo noma kwizindawo ezenzelwe ukuthuthwa kwabantu; okuhlanganisa neziteshi ezihleliwe ze-Gautrain, ukuphucula ukufinyelela kwizinsizakalo kanye nokuqhakambisa ukuthuthukisa umnotho wasekhaya.
Wonke umphakathi uthola zonke izinhlelo eziletha ukweneliswa kwezidingo zabo, okumbandakanya ukutholakala kwamahala kwenani elithile lamanzi nogesi. Into ebaluleke kakhulu ezokwenziwa kuqala kuzoba ukuhlinzeka amanzi kanye nokuhanjiswa kokungcola, okubamba iqhaza elibalulekile ekuqhubekiseni impilo enhle.
Ukwakhiwa kwezindlu ezinhlobonhlobo ezindaweni ezilungiswe kahle futhi ezizolethwa ngokusebenza ngokubambisana nomkhakha ozimele kanye nabanye ababambiqhaza. Ikusasa lamahhotela esifundazweni sethu nalo lizosombululeka.
Ukuvuselelwa kwendawo yokuhlala engasemadolobheni okumbandakanya ukusebenzisana kwemikhakha yonke kahulumeni kanye nokutshalwa kwezimali zomkhakha kahulumeni nozimele ngezindlela ezandisa ukusizakala.
Ukugqamiswa nenqubekelo phambili yemizamo yokukhulisa umnotho wendawo ukuze ihlinzeke imisebenzi, yakhe ingqalasizinda yomphakathi nokuqinisekisa ukutholakala kwamathuba emiphakathini, ikakhulukazi emiphakathini eyeswele kakhulu. Uhulumeni uzobheka ekuhleleni bese eqondisa ukutshala kwakhe izimali ezindaweni ezithile ukuze andise usizo lwakhe.
Ukwenziwa nokusetshenziswa kwesumgomo elizosingatha ezokuphathwa kwezithuthi zomphakathi elandisa ukufinyelela kwizithuthi eziphephile nezingabizi, elinciphisa ubude besikhathi sokuhamba kwabantu nezimpahla esifundazweni sethu nasezindaweni ezingaphandle futhi elinciphisa umthelela ongemuhle wezithuthi ezidumayo kwimvelo.
Ukwenziwa kwesimo esiphephile nempilo ehlanzekile yomphakathi ngokunciphisa ukwakheka kwadoti, ukusetshenziswa kwezinto ezingavuseleleki nokubhekana nokunukubezwa komoya namanzi kanye nomhlabathi wethu.
Ukubambisana nemiphakathi kanye namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphepha emigwageni, emakhaya, emisebenzini nasezikoleni, ikakhulukazi kwabesifazane nezingane.
Ukukhuthaza ukudliwa kokudla okunomsoco nokuphila impilo enhle neyamkelekile.
Izinhlelo ezivikelayo neziphilisayo ezizovikela ukugula nokufa njengodlame, izingozi zomgwaqo, ingcindezi, iNgculaza neSandulelangculaza, indlela engeyinhle yokuphila kanye nokuphuzwa kotshwala ngokwedlulele.
Ukutshala izimali kwizingane ngokuphucula izinsiza eziqondene nokukhuliswa kwezingane.
Ukuhlanganiswa nokukhushulwa kwezinga lemfundo kwizikole zomphakathi ukuze zonke izingane esifundazweni sethu, ikakhulukazi ezeswele kakhulu, zithole imfundo esezingeni eliphezulu.
Ukuqinisekisa ukufunda okuqhubekayo okumbandakanya ukukhushulwa kwezinga lemfundo noqoqosho lwabantu abadala (adult basic education and training), ukuqeqesha kabusha nokufundisa kabusha amakhono, ukunikeza labo abasheshe bashiya isikole noma abadilizwa emsebenzini ithuba lesibili.
Ukuxhumanisa izimboni zemisebenzi, izikhungo zemfundo ephakeme, izikhungo zamakhono kanye nayo yonke imikhakha kaHulumeni ukuqinisekisa ukuqondana phakathi kwezidingo zemisebenzi nabantu abanamakhono aleyomisebenzi, ikakhulukazi leyomisebenzi edingekayo kumnotho osakhula.
Ukuthuthukisa intsha ukwandisa amathuba entsha okufaka isandla kwezomnotho futhi ibone amakhono ayo ekwenzeni izinto, okuhlanganisa ukubamba iqhaza kwezemidlalo, ezobuciko namasiko.
Ukwatha abesifazane ngezinhlelo zikahulumeni ezisusa zonke izinkinga ezinqabela abesifazane ukuthi nabo bafake isandla kwezomnotho nasemphakathini.
Ukusebenzisa izinhlelo zobuciko, amasiko, ezemidlalo kanye nezokungcebeleka ekwakheni isizwe kanye nobumbano nozwano.
Intuthuko yezemidlalo njengohlelo olubalulekile, hhayi ngenhloso yokwakha impilo enhle kuphela, kodwa nokwakha isizwe nentuthuko kwintsha.
Ukugqugquzela ukubamba iqhaza komphakathi, ngokubizwa kwezimbizo, umkhankaso wokukhulumisana, nemihlangano yemiphakathi kanye nokuqinisa umsebenzi weSishayamthetho.
Ukuhlanganisa ukusebenza kwentando yeningi kuyo yonke imikhakha yokubusa ngokuqinisa ukubamba iqhaza kwabantu bethu emihlanganweni njengeyamakomidi amawadi, izigungu eziphethe ezikoleni kanye nabantu basemphakathini abasebenzisana namaphoyisa.
Ukuhlinzeka umphakathi ngezinsiza ezibumbene neziseqophelweni ezivela kuhulumeni onempatho enhle. Lokhu kuhlanganisa ukususa izihibe ekwethulweni ngempumelelo kwezinsiza, ukuqinisekisa ukuthi izinsiza zisimeme futhi zenyusa ukubhekana kukahulumeni nezikhalo kanye nezinkinga kwizakhamizi.
Ukufinyelela komphakathi kalula kuhulumeni -Ngokwenza kutholakale ulwazi ngezinsiza zahulumeni -Kukhushulwe ukuxhumana phakathi kukahulumeni nemiphakathi yonke -Uma kunezikhalazo eziphuma kumphakathi uhulumeni azilalele azilungise.
Ukusetshenziswa kwezinhlelo zikahulumeni ngobuqotho ukwenelisa umphakathi.
Siyitholaphi imali yethu?
Siyisebenzisa kanjani imali yethu?
Siyisebenzisa kanjani imali yethu?
Siwandise kuphi umthamo wokusetshenziswa kwezimali?
